USaint Josemaria Escriva - St. Josemaria Escriva

nicwebisa izimphilo zenu zemihla ngemihla. uSaint Josemaria Escriva, Intshumayelo. Evuthayo Naothando Lomhlaba (Homily P
88KB Größe 4 Downloads 102 Ansichten
USaint Josemaria Escriva Umsunguli we i-Opus Dei

Umthandazo O Nkulunkulu, Ngomama kaJesu obusiseka kakhulu eyintombi uMary, unikeze umusa oyisimanga kumpristi wakho uSaint Josemaria, umkhetha njenge thulusi elethembeke kakhulu ukuba lisungule iOpus Dei, indlela eya ekucwebeni emisebenzini yansuku zonke nezibopho ezivamile zom Krestu. Ngiyatusa ukuba unginikeze lokho ukuze nami ngifunde ukuguqula zonke izimo ne zehlakalo zempilo yami zibe amathuba okukuthanda nokusebenzela iBandla, uMpapa nayo yonke imiphefumulo, ngentokozo ngobulula, ngikhanyise izindlela zomhlaba ngokukholwa nothando. Ngomkhuleko kaSaint Josemaria, ngicela unginike umusa engiwucelayo (Lapha enza isicelo sakho). Amen. Baba wethu, Yethi Mary, Udumo alube.

Nakuphi lapho kunokulangazelela, umsebenzi wakho, izinkanuko zakho, leyo yindawo yokuhlangana kwakho noJesu. Kuphakathi kwezinto zonke eziphathekayo zomhlaba lapho kufanele sizikhiphe eceleni, sisebenzele uNkulunkulu nabo bonke abantu. Izulu nomhlaba zikhombisa ukuhlangana, amadodana namadodakazi, kumkhathizwe. Kodwa lapho behlangana khona ngempela kuse zinhliziyweni zenu, lapho nicwebisa izimphilo zenu zemihla ngemihla. uSaint Josemaria Escriva, Intshumayelo Evuthayo Naothando Lomhlaba (Homily Passionately Loving the World), 8 Okthoba 1967.

uSaint Josemaria Escriva wazalelwa eBarbastro, eSpain mhlaka 9 Januwari 1902. Wagcotshwa ukuba abe ngumpristi eSaragossa mhlaka 28 Mashi 1925. Ngomhlaka 2 Okthoba 1928, ngomoya oyingcwele kaNkulunkulu, waqamba i-Opus Dei. Ngomhlaka 26 Juni 1975, wafa ngokungalindelekile eRoma endlini lapho ayesebenzela khona, emuva kokubheka kokugcina ngothando isithombe seNtombi Yethu (Our Lady). Ngaleso sikhathi i-Opus Dei yayisisabalalele kumazwekazi amahlanu, inamalunga angaphezu kuka 60,000 abuzwe bawo buhlukene izinhlanga ezingama-80, esebenzela iBandla ngomoya ofanayo wokuhlangana ngokugcwele noMpapa nabaBhishobhi okwafuza uSaint Josemaria. Ocwebileyo uMpapa uJohn Paul wesibili wangcwelisa uMsunguli weOpus Dei eRome mhlaka 6 Okthoba 2002. Idili lakhe ligujwa mhlaka 26 Juni.

Umzimba kaSaint Josemaria uphumule eSontweni elikhulu leNtombi Yethu yoXolo (Church of Our Lady of Peace), u Viale Bruno Buozzi oneminyaka engu-75 eRoma. Olunye ulwazi ngoSaint Josemaria Escriva lungatholakala e: www.opusdei.org.za nase www.josemariaescriva.info. Labo abathola umusa ngokuthandazelwa uSaint Josemaria Escriva bayacelwa ukuba bazise i-Opus Dei Prelature, P.O. Box 3270, Houghton 2041, eNingizimu Afrika. Ifoni: 011-646-9539 Email: [email protected]

Ngemvume yomfundise